Udaba lokwethulwa kohlaka lwezifundo zabantu bendabuko [Afrikology] ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika
Mthembu, Ntokozo
Leli phepha lizodinginga udaba olumayelana nokubaluleka kanye nokwethulwa kohlaka lokufunda ngabantu bendabuko eAfrika [Afrikology] ezikhungweni zemfundo ephakeme eNingizimu Afrika njengesu lokuxazulula futhi nokuvala igebe njengoba ezemfundo zaziwa kakhulu ngokuqhakambisa amagugu namasiko aseNtshonalanga ngisho nangezindlela zokuhlaziya imbala. Lizosebenzisa umbhalo kaNabudere kanye noAsante ekuchazeni ukubaluleka kokubuyiselwa komgomo wamandulo waseAfrika wokuzazi kwabantu abansundu. Inhloso yaleli phepha lizokhanyisa ukusetshenziswa kwemibono kanye nezindlela zokubuka isimo kanye nenmpilo yomuntu ezihambisana nokusenziswa kwezinhlaka zolwazi ezigxile kulwazi olidabuka eAfrika. Ligcine ngokuphakamisa ukwamukelwa nokusetshenziswa kohlaka lokufunda ngabantu bendabuko eAfrika [Afrikology] njengesilinganiso sezinhlaka zokuhlaziya phakathi kolwazi lwaseNtshonalanga elaziwa ngeZifundo zempilo yabantu [sociology] kanye neZifundo ngabantu baseAfrika [Afrikology].
↧