Quantcast
Channel: College of Human Sciences
Viewing all articles
Browse latest Browse all 2018

Izinqinamba namathuba abelaphi bendabuko: Ukubuyekezwa koMthetho Wabalaphi bendabuko ngeziphakamiso zokuhlela

$
0
0
Izinqinamba namathuba abelaphi bendabuko: Ukubuyekezwa koMthetho Wabalaphi bendabuko ngeziphakamiso zokuhlela Mthembu, Ntokozo Ukucwaninga isimo lapho ukuqhudelana ngokuqedwa kwengcindezelo - ‘decoloniality’ ekuqhakambiseni amagugu ahlukene emuva kokupheliswa kobandlululo. Nokuveza izisusa zezinkinga ezibonakala emkhnkasweni woshintsho ikakhulukazi uma kuziwa lomkhakha yezemithini yendabuko lapha kulelizwe - iNingizimu Afurika. Nokuphakamisa amathuba angasimamisa umkhakha wezempilo, uma kuqhubeka ukungamukelwa kwemithi yendabuko. Abalaphi bendabuko ngokomlando - abakaze bagunyazwe ngokusemthethweni kuze kube imanje njengoba sekukhulunywa ngomthetho -Traditional Health Practitioners Act 35 of 2004 njengoba washicilelwa ngonyaka ka2004, kodwa ngaphambi ukuthi ubhekwe ukuthi uyasebenza, ,njengoba kungazange kubekhona ukuxhuman okwanele ngaphambi kokushawa kwawo lomthetho.

Viewing all articles
Browse latest Browse all 2018

Trending Articles