Ukusebenzisa indlela eyinqubo-mgomo yase-Afrika yokucwaninga isimo kanye nempilo yomuntu: ukubuyekezwa kwenqubo kaTahuti/ Djehowtey yokuhlaziya izehlakalo nolwazi
Mthembu, Ntokozo
Leli phepha limayelana nenqubo ekumele ilandelwe uma kuchazwa noma kucwaningwa ngesimo nanoma ingani ephathelene nabantu base-Afrika futhi ebukeka kuyindlela engahambisani nezindlela ezilandelwayo njengamanje. Leli phepha lizoqala ngokubheka indlela esetshenziswa umuntu ngamunye uma ezama ukuqonda ngesimo azithola ephila kusona, njengoba kujwayelekile ukuthi uqala ukulandela indlela ahlangabezana nayo njengokuqonda isimo azithola ekusona futhi kuba umkhawulo wocwaningo. Okwesibili, lizobheka isisekelo sohlaka lokucwaninga lwendlela yaseKhushi esetshenzisiwe kuleli phepha. Okwesithathu, lizobheka ukubuyekezwa kwenqubo yokuhlaziya kaDjehowtey nemisebenzi yakhe. Okokugcina, lizobheka imigomo elandelwayo uma kusetshenziswa imisebenzi kaDjehowtey. Ekugcineni, lizophetha ngokubuyekeza kafishane obekushiwo iphepha.
↧