Ukusebenzisa indlela eyinqubo-mgomo yase-Afrika yokucwaninga isimo kanye nempilo yomuntu
Mthembu, Ntokozo
Leliphepha limayelana nenqubo ekumele ilandelwe uma kuchazwa noma kucwaningwa ngesimo noma ingani ephathelene nabantu baseAfrika futhi ebukeka kuyindlela engahambisani nezindlela ezilandelwayo njengamanje. Leliphepha lizoqala, ngokubheka indlela esetshenziswa umuntu ngamunye uma ezama ukuqonda ngesimo akazithola ephila kusona, njengoba kujwayelekile ukuthi uqala ukulandela indlela akahlangabezana nayo njengokuqonda isimo azithola ekusona futhi kuba umkhawulo wocwaningo. Okwesibili, lizobheka isisekelo sohlaka lokucwaninga yaseKhushi esetshenzisiwe kuleliphepha. Okwesithathu lizobheka ukubuyekezwa kwenqubo yokuhlaziya ka-Djehowtey nemisebenzi yakhe. Okokugcina, lizobheka imigomo elandelwayo uma kusebenzisa imisebenzi kaDjehowtey. Ekugcineni lizophetha ngokubuyekeza kafishane obekushiwo iphepha.
↧